IKati elingaPhazami

UManzekhofi nezaKhe iyona incwadi engiyifunde ngihleka unomphela ngingakwazi ngisho ukuyibeka phansi. Kodwa okungemnandi ngayo, ukuba mfishane kwayo. Ngithe ukuyibuka kancane, ngizikhumbuza lezo zindawo ezinmandi kanye nezibuhlungu. Ngakha imifanekiso emqondweni, ngibuye ngiyibhidlize leyo mifanekiso ngiphinde ngakhe eminye imifanekiso. Kubekhona into ethi angihleke futhi kodwa ngabe kukhona yini umlayezo ojulile engingakawubambi kule ncwadi?

Ngifikelwe ubuthongo. Ngizumeke.

UManzekhofi ngimuthola ehlezi esihlalweni sobuKhosi. Mhlazane kubalele kubonakala imisebe emihle yelanga ingena imthinta uboya bakhe obumhlophe njengamafu. Kucace ukuthi leli yikati eliphile saka.

Emhlane ugaxe ingubo yobuKhosi ebomvu. Ekhanda uthwele umqhele. “Kungani ukhethe lolu hlobo lokwembatha?”, ngisho ngomoya ophansi ngihlala esihlalweni esibekwe eduze kwami. Lesi sihlalo esintofontofo sibekwe ngumfokazi obukeka esemusha.

“O, khululeka, nsizwa.” kusho uManzekhofi ngobugagu. “Usithola-nje sisemsebenzini nomkhaya wami lo, uVusisizwe. Igama lakhe eliphelele nguFred Vusisizwe Sineke-Khumalo. Nguyena umqondisi wobuciko bekhava yencwadi uManzekhofi nezaKhe”, esho ekhomba phezulu ngozipho. Ngibone sengathi uyawuziba umbuzo wami.

“Hayi-cha, ngiyabona ukuthi unalo impela ikhono lokwenza imifanekiso.” ngisho esishiya sisodwa uVusisizwe.

“Kunjalo. Ngixolise ukuthi usithola simatasatasa. Uthe ufona wangithola ngesikhathi—”

“Cha-cha-cha, khululeka, Bhubesikazi. Ngiyajabula ukuthi sithole leli thuba ngoba ngithe mangiqeda ukufunda incwadi yakho ngaba nombuzo owodwa-nje.” Ngimutshela uManzekhofi ngilungisa ipeni nephepha ngokushesha. Esandleni sobunxele uManzekhofi uphethe ithusi elifanele iNkosi. Ngesandla sokudla wamukela inkomishi yegolide egcwele ubisi eyisidlo sobuKhosi. Lo mfanekiso ugcwele imininingwane eyiqiniso. Noma kunjalo, lokho esikubonayo kuyasihlekisa. Nembala ngiyethemba sizolibona kaningi esikhathini esizayo igama likaVusisizwe, umenzi walesi sithombe.

“Manzekhofi, ngabe indlela thina bantu esakhe ngayo izilimi zethu yenza singakwazi ukuqonda izilimi zezilwane?” 

“Ake ngiqale ngokusho ukuthi uMdali wami akanalo ulwazi lwalo mhlangano. Nokho uzoyithola le ngxoxo. Ngicela siyiphathe ngokukhulu ukuqaphela”, kusho uManzekhofi.

“Kulungile, ngicela uqale ngokucacisa ukuthi ngubani uMdali wakho.”

“O, lowo nguMbulaz’omnyama – uFred Khumalo.”

“Usho umbhali?”

“Kunjalo”, kusho uManzekhofi ephuza endebeni yakhe, “ngizothinta izihloko ezimbalwa ngethemba lokuthi mina nawe sizodla amathambo engqondo ukuze siphendule lo mbuzo wakho.

“Ngincika emuva esihlalweni sami, ngibukisisa lesi silwane esinguManzekhofi. Naso singibuka silokhu sihabula ubisi bese sisula amandevu. “Ngikumamele, qhubeka”, ngisho kuso.

“Kuthe mangizwa ukuthi ucela sihlale phansi sikhulume ngayo incwadi ngaba nobungabaza. Kuye kwangifikela ukuthi abantu bazothini. Kwabuya kwangifikela ukuthi iqiniso liyafuneka. Sekuyisikhathi sokuthi nina bantu nazi izimfihlo zami nazo zonke izilwane.

Nina bantu anikholwa ukuthi izilwane ziyanizwa. Mina uqobo, uzongithola lapho kungafiki muntu khona. Uphinde ungithole lapho abantu behleli bengumndeni benethezekile bebuka umabonakude. Ngiphezu kwethanga lomuntu njalo, ngibanjwe ubuthongo ngaleso sikhathi, kodwa ngimane ngivula amehlo ngithole izindaba”, ahabule ubisi. Amehlo athe njo kimi engibuka ngokuzethemba nokwaneliseka.

Inkinga kaManzekhofi yilukuluku lokufuna ulwazi olusabalele, ngiyacabanga. EsiNgisini kuthiwa, phecelezi, “Curiosity killed the cat”.

“Kuthe ngelinye ilanga, ngibona amaqatha enyama epuletini,’ wayisusa indaba uManzekhofi, “ngawashwabadela ngokushesha ngoba ngingaboni muntu eduze. Bengingakaze ngiyidle inyama. Ngeshwa, ngehluleka ukuyigwinya. Inyama yama nsi emphinjeni.

Nhlanhla leyo ubesefikile uThabile, indodakazi kaSibiya. Nokho ngingakwazi ukuzikhulumela, yabona intombi ukuthi ngisengozini. Yangishukuza ngokushesha intombi yaphuma ngomlomo inyama. Ngasinda kanjalo.”

“Kuthiwani ngenja kaSibiya, uS’khalangabanye?”, ngisho.

“O, loyo!” Wahleka kancane uManzekhofi. “Uthe uma ebona inyama ebaleni wayilanda ngokuphuthuma. Ngamkhuza umngani wami. Phela mina sengaba yilenhlobo eshesha ifunde. Ngizibona zonke izigemegeme zelokishi.”

“Manzekhofi, ziningi-ke izindatshana kule ncwadi eziveza umhobholo phakathi kwabantu naphakathi kwezilwane. Ukuba nomhobholo kubonakala kuyindalo yethu nazo izilwane. Kule ncwadi khukhona igundwane lasemayini engilithandile ngokuzotha kwalo. Ngiyakholwa ukuthi usayikhumbula le ndaba yaleli gundwane elatholwa insizwa engumsebenzi wasemayini, uMkhize, ezihlalele ebuka amagundwane ezitika ngokudla?

UMkhize lona uthe uma elibhekisisa leligundwane elingenamsila ophelele, walibona likhuza amanye amagundwane ngokuwaluma. Wabe eseliteketisa elibiza ngoKhansela. Kanti leli gundwane liyamuzwa uMkhize…”

uKhansela

“Phela la magundwane sewafunda izilimi ezimashumishumi ngoba azalelwa khona emayini.” kusho uManzekhofi engingena emlonyeni. Ngizibambe, ngithi ukumbuka ehabula ubisi lwakhe.

Nango-ke esekhonkotha uS’khalangabanye. “Ngiyabuya, nsizwa, ake ngihlole ukuthi umngani wami ukhala ngani manje”, esho ephakama uManzekhofi eyobheka ewindini. 

Sengike ngasho ukuthi uManzekhofi yikati elilangazelela ulwazi. Lokho kuyinto enhle kakhulu. Kusheshe kwacaca kule ncwadi ukuthi uyahlonishwa embusweni wezilwane. Nguyena-phela owazi zonke izimfihlo zabantu nezezilwane zaselokishini nezasehlathini. Leli kati lazi ngisho nokufunda izincwadi, nokubuka omabonakude ezindlini zabantu. Kakade, lilala embhedeni nabantu, liphinde lidle nabo ezindlini. Kodwa uManzekhofi akanaso neze isikhathi seziwula. Uvele aphelelwe amazwi angene indlela. Ungenza ngijule ngokucabanga.

KuManzekhofi, ubuningi bezilwane zaselokishini ziyahlukunyezwa ngoba zona aziwazi amalungelo azo. Yingakho kubuye kubenesidingo sokuba zonke izilwane zimlalele futhi zimlandelele uManzekhofi. Ukujikela uManzekhofi ukuzifaka engozini ngoba yena akafune lutho ngabangani bakhe oS’khala, izinsimba, izinyosi, izimfene, isikhova kanye nothekwane. Nazo lezi zilwane kazifune lutho ngoManzekhofi. UQhoqhoqho, ujakalase, ungubufakazi balokhu.

UManzekhofi usebuyele esihlalweni sakhe. “Uxolo, nsizwa. Yilaba bafanyana bebhola abedlulayo behamba bebhema umthunzi wezinkukhu. Akabafuni kabi umngani wami. Phela thina makati nezinja, siyazulazula lapha emalokishini; singena kuzo zonke izindawo ezicashile. Ngakho-ke siyazibona izinto ezifihlekele kwabanye abantu.”

Kanti-ke noS’khala ungamthathi kancane. Makukhulunywa ngenja kaSibiya, kukhulunywa ngechalaha elingawubambi umshini. Akunasighebengu esizongena siphume emzini kaSotobe. Akuna sichokolozi esingamethusa. Ibe akunasilwane sehlathi esingamgwajisa yena nomngane wakhe, uManzekhofi.

“Manzekhofi, uphila impilo emnandi enothando obedlulele lapha kwaSibiya. Nokho ungeyona imbhodla, uke uwucabange umndeni wakho wangempela?”

Wangaphenduli ngokushesha uManzekhofi, evala amehlo sengathi uyawucabangisisa lo mbuzo wami.

“Ngiyethemba ungavuma ukuthi e-Afrika kubalulekile ukuthi umuntu azi amagama abantu bomndeni wakubo…”, kusho uManzekhofi eyicabangisisa lento ayishoyo, “amagama walabo abaphilayo nalabo esebeshonile. Uma kwenzeka ukuthi umuntu evakashela kwelinye izwe angabatshela labo bantu balelo zwe ukuthi yena ungubani nokuthi uphumaphi. Ngaphezu kwalokho aziqhenye ngokubiza amadlozi akubo ngamagama abo. Kunjalo nakithi, thina zilwane…”, athi ukukhokha umoya, agwinye amathe “Ake ngiyishiye lapho.” Athathe inkomishi yakhe abeyibeke eduze, aluminye ubisi luphele du bese esula amadevu.

Ngizwe ngezwi lakhe ukuthi le ndaba iyamthinta, uManzekhofi. Sobabili singasho lutho, kuthule kuthi cwaka.

Ukuxhumana nabanye kungenzeka ngezindlela ezehlukile. Kukhona indlela yokuxhumana ngokukhuluma nangendlela yokuxhumana ngezenzo. Njengabantu, izilwane ziyakwazi ukubheka izenzo zabanye bese zibalingisele.

“Ngitshele Manzekhofi, uma ungalele endlini usuke ukephi… wenzani?”

“Ngizichithela isikhathi ngedwa ehlathini. Yilapho-ke  engihlangana khona nezinye izilwane ezingajwayelekile. Yilokho okungenza ngisheshe ngivuleke amehlo ngoba ehlathini kukhona izinhlobo eziningi zezilwane. Kukhona lezo ezidla izitshalo kanye nezilwane ezidla ezinye”, akhwehlele kancane uMazekhofi.

Nembala asoze umthole ekhuluma nezilwane eziyidlomu. “Wenzani uma ubona lezi zilwane, Manzekhofi?”

“Ngilandela izilwane ezikhaliphile kunami. Lezi zilwane ngeke uzibone zigijimisa izilwanyane ezincane njengamagundwane, cha ngeke ukubone lokho. Lezi zilwane ezingihlaba umxhwele zizingela ezinye izilwane eziyingozi. Ngibhekisisa kahle izenzo zazo lezi zilwane ezizingelayo bese nami ngenza ngokufana. Kuye kufike isikhathi lapho amazwi angenzi lutho. Kukhulume izenzo kuphela.

“Kunjalo, Bhubesikazi. Ngibona kuyindlela enhle yokuthi sesingayivala le ngxoxo. Ngicela-ke sibuyele embuzweni wami wokuqala.”

“O, yebo, nsizwa. Kambe ubuze ukuthi kungabe indlela nina bantu nakhe ngayo izilimi zenu ibanomkhawulo ekuqondeni kwemibono yethu, thina zilwane?” esho ekhomba phezulu ngezinzipho.

“Kunjalo. Ngicela uyivale ngobuhlakani bakho.”

“Hmmm… ake ngixoxe indaba emfushane. Kukhona umakhelwane wakuleli lokishi ovamisa ukuvakashelwa yizinyoni egcekeni lakhe. Ngelinye ilanga waba nesu lokuthi azibekele isipho samantongomane phezulu kwetshe. Ekuhambeni kwezinsuku lezi nyoni besezihlanganela kulelo tshe ngobuningi zidla lamantongomane. Aqhubeke lo wesimamame ukubekela izinyoni amantongomane ngobuningi.

Ngelinye ilanga eyobeka amantongomane amasha – njengenjwayelo efika ngesikathi izinyoni zingakafiki etsheni – wathola ukuthi kwakunamalastiki ashiywe yizinyoni phezulu kwetshe.”, esho emamatheka uManzekhofi.

“Singafundani kulendatshana, Manzekhofi?”

“Ilula nje? Ubuhlobo lobu. Uma lezi nyoni zinganikwa ukudla ezikukhonze kakhulu zingabuya nezipho ezingcono.”

Uma ngivula amehlo, okuningi kuyangifikela. Ngempela asizizwa izilwane uma zikhuluma ubulwane kodwa siyasibona isilwane esinosizi sikhone ukuselekelela uma kudingeka. Kanti nezilwane zinayo indlela yokuxhumana nathi ngaphandle kokuzama ukukhuluma nathi ngezilimi zethu. Izindatshana ezixhumaxhumene zencwadi, uManzekhofi neZakhe, zingubufakazi balokho.

Ngamazwi kaManzekhofi, “Ubungani bungaqhamuka ngendlela engalindekile, noma kubantu ocabanga ukuthi bayizitha kuwe. Amehlo nenhliziyo yakho kufanele zihlale zivulekile, ukuze kuvuleleke amathuba afana nalawa. Uma-ke la mathuba esezivezile, buhloniphe lobu buhlobo, ubunakekele njengomlimi enisela izithombo zezitshalo ezibalulekile”.

 

Ithayitheli: uManzekhofi nezaKhe

Umbhali: Fred Khumalo

Umdwebi: Fred Vusisizwe Sineke-Khumalo

Umshicileli: Kwasukela Books

ISBN: 978-0-6399575-0-0

Share with your friends

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top